INgqoqelolwazi ekuxhakaxholo, ebizwa nangokuthi Ingqoqelolwazi yezezibhangqiwe, ingqoqelolwazi efinyeleleka ngoxhakaxholo . Izibonelo zihlanganisa iWikipedia kanye ne-Encyclopædia Britannica.
NgoMasingana 1995, i-Project Gutenberg yaqala ukushicilela isiqakaqo se- ASCII ye-Encyclopædia Britannica, uhlelo lwe-11 (1911), kodwa ukungavumelane ngendlelasu esetshenziswayo kwamisa lowo msebenzi emva komqulu wokuqala. Ngezizathu zenhlanga (trademark) lokhu kwashicilelwa kwingqoqelolwazi i-Gutenberg. Kamuva i-Project Gutenberg. I-Project Gutenberg seyishicilele imiqulu ngokohlu losonhlamvu futhi isishicilelo sayo sakamuva sibizwa Volume 17 Slice 8: Matter–Mecklenburg sashicilelwa mhla ziyisi-7 kuNdasa 2013. I-Britannica yakamuva yona yaguqulelwa kwezezibhangqiwe abashicileli bayo, futhi yathengiswa njengecwecwe le-CD-ROM kuqala, ngokulandelayo njengenkonzo yakuxhakaxholo.
Ngonyaka wezi-2001, isiqakaqo se-ASCII sayo yonke imiqulu engama- 28 sashicilelwa ku-Encyclopædia Britannica uhlelo lwe-11 ngomthombo; futhi isikwebezo sesivimbekufanisa (copyright) senezelwa emthakweni efakiwe. Leso sizindalwebu asisekho.
Ezinye izinkebengo zokuguqa kwezezibhangqiwe ziye zaqombola kwezinye izihloko. Isibonelo esisodwa i-Easton's Bible Dictionary (1897) eyaguqelwa kwezezibhangqiwe i-Christian Classics Ethereal Library.
Ukuguqulelwa kwezezibhangqiwe okunempumelelo kwaba okwe-Bartleby Project okuyingqoqelolwazi ekuxhakaxholo esuselwa kwi-Columbia Encyclopedia, uhlelo lwesithupha, nokwenzeka ekuqaleni kowezi-2000 futhi ehlelwabusha ngesikhathi esinqunyinyiwe.
Ezinye izizindalwebu zihlinzeka ngezingqoqelolwazi ezikuxhakaxholo, ezinye zazo ezitholakala ku-Wikisource, nokuNgenzeka zibe eziphele kunalezi eziku-Wikisource, noma kube izinhlelo ezihlukile.
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)